Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 18

1 Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali. 2 Wathi: Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu. 3 Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye , ethi: Ngizwele esitheni sami. 4 Kwaba yisikhathi engavumi ; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe : Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu, 5 nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo , ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo. 6 Yayisithi iNkosi: Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile. 7 UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na? 8 Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu , imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na? UmFarisi nomthelisi ethempelini 9 Wayesekhuluma kwabathile ababezethemba ukuthi balungi le, bedelela abanye, ebalandisa lo mfanekiso ngokuthi: 10 Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka , omunye engumFarisi, omunye engumthelisi. 11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi : Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu : izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi. 12 Ngizila ukudla kabili ngeviki , nginikela okweshumi kukho konke enginakho. 13 Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe , ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina soni. 14 Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye . Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa , kodwa ozithob ayo uzakuphakanyiswa. Ukubusiswa kwabantwana (Math. 19:13; Mark. 10:13) 15 Baletha kuye nabant wanyana ukuba abaphathe ; kepha abafundi bekubona babakhuza. 16 Kodwa uJesu wababizela kuye , wathi: Vumelani abantwana beze kimi , ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. 17 Ngiqinisile ngithi kini : Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunku lu njengomntwana kasoze angena kuwo. Insizwa enothileyo (Math. 19:16; Mark. 10:17) 18 Umbusi othile wayesembuza ethi : Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na? 19 Kepha uJesu wathi kuye : Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na ? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. 20 Uyayazi imiyalelo ukuthi : U ngaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko. 21 Kepha wathi: Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. 22 UJesu ekuzwa lokho wathi kuye : Usasilalelwe into inye : thengisa ngakho konke onakho , wabele abampofu , khona uzakuba negugu ezulwini ; uze ungilandele. 23 Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu. 24 UJesu embona wathi : Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. 25 Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. 26 Abezwayo base bethi: Pho, kungasindiswa bani na? 27 Kepha wathi: Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu. Umvuzo wokuzidela (Math. 19:27; Mark. 10:28) 28 Wayesethi uPetru: Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela. 29 Wathi kubo : Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu , noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu, 30 ongayikwamukeliswa okuphindwe kani ngi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe (Math. 20:17; Mark. 10:32) 31 Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili , wathi kubo : Bhekani, sikhuphukela eJerusalema ; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. 32 Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, 33 bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka. 34 Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho ; lelo zwi lalifihlakele kubo , abakuqondanga obekushiwo. 35 Kwathi esesondela eJeriko , impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba. 36 Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: Kuyini lokhu? 37 Base beyitshela ukuthi: Kudlula uJesu waseNazaretha. 38 Yayisimemeza ithi: Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele! 39 Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: Ndodana kaDavide, ngihawukele! 40 Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi: 41 Ufuna ukuba ngikwenzeleni na? Yathi: Nkosi, ukuba ngibone. 42 UJesu wathi kuyo: Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile. 43 Yayisibona khona lapho , yamlandela imdumisa uNkulunkulu , nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.