Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu ; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.
Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni ; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.
Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile , akayikwaphula izwi lakhe ; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.
kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo , konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefu mulo wakhe akuyikuma ; indoda yakhe ikwenzile ize ; uJehova uyakumthethelela.
Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova , yikho umuntu aphila ngakho.
kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa -Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.