UDuteronomi Chapter 8
1
Yonke imiyalo engikuya la ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.
2
Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise , akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.
3
Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova , yikho umuntu aphila ngakho.
4
Izingubo zakho azikugugelanga , nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane.
5
Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.
6
Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.
7
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho useyakungenisa ezweni elihle , izwe elinemifudlana yamanzi , nemithombo, nezinzulu eziphuphuma ezigodini nasezintabeni,
8
izwe likakolweni , nelebhali, nelemivini, nelemikhiwane, nelamapomegranati, izwe leminqumo enamafutha, nelezinyosi,
9
izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela ; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.
10
Uyakudla usuthe , umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.
11
Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe , nezahlulelo zakhe , nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,
12
funa lapho usudlile wasutha , nalapho usuwakhile izindlu e zinhle, wahlala kuzo,
13
kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho,
14
inhliziyo yakho bese yiphakama , ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila,
15
wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo , lapho kwakungekho manzi khona ; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;
16
wakupha imana ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,
17
uze uthi enhliziyweni yakho : Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.
18
Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.
19
Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo , ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.
20
Njengezizwe uJehova azenza ukuba zibhubhe phambi kwenu , kanjalo niyakubhubha nani , ngokuba naningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.