"nyovane"
11 occurrences in ZUL
OShemi noJafete bathatha ingubo , bayifaka emahlombe abo bobabili , bahamba nyovane , basibekela ubunqunu bukayise ; ubuso babo babubh eka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.
UDani uyakuba yinyoka endleleni , inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo.
Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu , wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango , kwaphuka intamo yakhe , wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.
kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho , wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa u kuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,
Kepha babengalaleli , bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho , bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe , benza izithuko ezinkulu.
Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubona isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo , umthetho phezu komthetho , umthetho phezu komthetho , lapha ingcosana , nalapho ingcosana , ukuze bahambe , bawe nyovane, baphuke, bacushwe, babanjwe.
Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu ; wena wawuthanda umphefumulo wami , waze waphuma egodini lokubhujiswa , ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.