Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.
Khona abaJuda , ngokuba kwakungolokulungisela , ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha , ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.