Skip to Content

"kwesikhashana"

6 occurrences in ZUL

Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli.

Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba , kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana , nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.

Bayaphakanyiswa; emva kwesikhashana abasekho; bayaphela njengabanye, bafe; babuna njengezihloko zezikhwebu.

Emva kwesikhashana ababemi khona basondela , bathi kuPetru : Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.

Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.

Emva kwesikhashana omunye wambona , wathi: Nawe ungomunye wabo . Kepha uPetru wathi: Muntundini, angisiye.