Skip to Content

"izigqila"

16 occurrences in ZUL

Amadoda esaba , ngokuba angeniswa e ndlini kaJosefa , athi: Singeniswe lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume , asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu.

Abantwana bakwa -Israyeli bazala , bachuma, banda, baba baningi ; izwe lagcwala bona. Abakwa-Israyeli baphenduka izigqila

Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa -Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.

kepha zonke izigqila ezithengwa ngumuntu ngemali mazilidle , uma zisokiwe.

Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe , ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.

Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo : niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.

Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo ; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade ; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa -Israyeli, omunye phezu komunye.

ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho ; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele. Izigqila ezibalekileyo, nezifebe, nenzalo

Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.

Kodwa kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi , nezinceku zakhe , nezikhulu zakhe , nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

Kepha kubantwana bakwa -Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe , ngokuba babengamadoda empi , nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.

Kepha emva kwalokho baphenduka , bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe , zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.

Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo.

UNkulunkulu wakhuluma kanje , wathi: Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe ; bayakuyenza izigqila , bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane.

ngokuba niyabekezela , uma umuntu enenza izigqila , uma enidla , uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.

Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu , ukuze basenze izigqila,