Skip to Content

UJoshuwa Chapter 9

1 Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani , ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho, 2 abuthana ndawonye ukuba alwe noJoshuwa no-Israyeli nganhliziyonye. 3 Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi, 4 nabo benza ubuqili , bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa , babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo , nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe, 5 nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo , bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile. 6 Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali , bathi kuye nakumadoda akwa -Israyeli: Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi. 7 Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi : Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na? 8 Bathi kuJoshuwa : Siyizinceku zakho . UJoshuwa wathi kubo : Ningobani, futhi nivelaphi na? 9 Bathi kuye : Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba siluzwile udumo lwakhe , nakho konke akwenzayo eGibithe, 10 nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no -Ogi inkosi yaseBashani , eyayise-Ashitaroti. 11 Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi , bathi: Phathani ezandleni zenu umphako wendlela , niye nibahlangabeze , nithi kubo: Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi. 12 Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile; 13 lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha ; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu. 14 Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova. 15 UJoshuwa w abethembisa ukuthula , wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo. 16 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo. 17 Abantwana bakwa -Israyeli b ase besuka , bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni , neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi. 18 Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli. Yonke inhlang ano yakhonona ngezikhulu. 19 Zonke izikhulu zase zithi kuyo yonke inhlangano : Sifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngalokho asinakubathinta manje. 20 Siyakwenza lokho kubo , sibayeke baphile , funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo. 21 Izikhulu zase zithi kubo : Mabayekwe baphile ; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile. 22 UJoshuwa wababiza , wakhuluma kubo , wathi: Nisikhohliseleni ngokuthi : Sikude kakhulu nani, lokhu nakhile phakathi kwethu, na? 23 Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami. 24 Bamphendula uJoshuwa , bathi: Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wa kho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke , achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu , sakwenza lokho. 25 Bheka, manje sesisesandleni sakho ; okuhle nokulungile emehlweni akho ukuba ukwenze kithi, kwenze. 26 Wayesenze njalo kubo , wabophula esandleni sabantwana bakwa -Israyeli, baze bangababulali. 27 UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i -altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.