UJoshuwa Chapter 8
1
UJehova wathi kuJoshuwa : Ungesabi, ungabi naluvalo ; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;
2
uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona . Wuqamekele umuzi emva kwawo.
3
UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akh uphukele e- Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.
4
Wawayala ngokuthi : Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi , emva komuzi , ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.
5
Mina nabantu bonke abanami siyakusondela emzini ; kuyakuthi lapho bephuma ukusihlasela njengakuqala, sibaleke phambi kwabo.
6
Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: Babaleka phambi kwethu njengakuqala, bese sibaleka phambi kwabo;
7
niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu.
8
Kuyakuthi lapho seniwuthathile umuzi , nithungele umuzi ngomlilo , nenze njengezwi likaJehova; bhekani, senginiyalile.
9
UJoshuwa wayesebathuma, baya ukuyoqamekela , bahlala phakathi kweBethele ne -Ayi ngasentshonalanga kwase -Ayi; uJoshuwa wala la lobo busuku phakathi kwabantu.
10
UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu , wabutha abantu , wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu, waya e-Ayi.
11
Bonke abantu bempi ayenabo bakhuphuka , basondela, baya phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwase -Ayi; kwakukhona isigodi phakathi kwakhe ne-Ayi.
12
Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekelisa phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.
13
Sebehleliwe abantu , lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ab abengasentshonalanga komuzi , uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi.
14
Kwathi inkosi yase -Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u -Israyeli, yona nabantu bayo , endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane ; yayingazi n okho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.
15
UJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.
16
Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe ; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini.
17
Akusalanga muntu e -Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa - Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.
18
UJehova wathi kuJoshuwa : Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase - Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho . UJoshuwa welul ela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.
19
Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo , bagijima lapho eselula isandla sakhe , bangena emzini , bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.
20
Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini ; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.
21
Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka , base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi.
22
Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe phakathi kuka- Israyeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasala muntu owaphunyuka, wabaleka.
23
Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.
24
Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e -Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona , bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa , bonke abakwa -Israyeli babuyela e -Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.
25
Bonke abawa ngalolo suku , abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke base-Ayi.
26
UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto , engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.
27
Izinkomo kuphela nempango y alowo muzi u -Israyeli waziphangela khona , njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.
28
UJoshuwa wayeselishisa i -Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.
29
Inkosi yase -Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa ; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini , basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi , wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla. I-altare entabeni yase-Ebali
30
Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli i -altare entabeni yase-Ebali,
31
njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa -Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose , i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi ; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.
32
Waloba khona ematsheni impinda yomthetho kaMose ayilobayo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
33
Bonke abakwa -Israyeli namalunga abo , nezinduna zabo , nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongo lo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova , abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu , inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile , ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.
34
Ngasemuva wafunda onke amazwi omthetho , isibusiso nesiqalekiso , njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho.
35
Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose , angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.