Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlab a ukuba bahlale nami ; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
Ngokuba bhekani , ngiyavusa amaKaledi , isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlab a ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso.
Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlab a enisebenzile ukwahlulela kwakhe ; funani ukulunga ; funani ukuthobeka ; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.