Skip to Content

UJoshuwa Chapter 1

1 Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova , uJehova w akhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi: 2 UMose inceku yami ufile ; ngalokho suka uwele leli Jordani , wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli. 3 Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose. 4 Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu , umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti , nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu. 5 Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose , kanjalo ngiyakuba nawe ; angiyikukuyeka, angiyikukushiya. 6 Qina, ume isibindi , ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. 7 Qina kuph ela, ume isibindi kakhulu , uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami , ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. 8 Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle. 9 Angikuyalile na ? Qina, ume isibindi , ungesabi, ungabi naluvalo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona. 10 UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi: 11 Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani 12 UJoshuwa wakhuluma kwabakwaRubeni , nabakwaGadi, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase, wathi: 13 Khumbulani izwi aniyala ngalo uMose inceku kaJehova , ethi: U Jehova uNkulunkulu wenu uyakuniphumuza, aninike leli zwe. 14 Omkenu, nabantwana benu , nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani ; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize, 15 uJehova aze aphumuze abafowenu njengani , nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , nilidle. 16 Bamphendula uJoshuwa , bathi: Konke osiyale ngakho s iyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona. 17 Njengalokho samlalela kukho konke , kanjalo siyakulalela wena ; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho , makabe kuwe njengalokho wayenoMose. 18 Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho , angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.