Skip to Content

UDuteronomi Chapter 34

1 UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi , waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko . UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani, 2 noNafetali wonke , nezwe lakwa -Efrayimi, nelakwaManase, nezwe lonke lakwaJuda kwaze kwaba selwandle lwasentshonalanga, 3 neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari. 4 UJehova wathi kuye : Nanti izwe engalifun gela o -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: Ngiyakunika lona inzalo yakho . Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona. 5 Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova. 6 Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori , kepha akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla. 7 UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe ; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi. 8 Abantwana bakwa -Israyeli bamkhalela uMose emathaf eni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu ; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose. 9 UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha , ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe ; abantwana bakwa -Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose. 10 Akuvelanga ngasemuva kwa -Israyeli umprofethi onjengoMose , owazana noJehova ubuso nobuso 11 ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe , nakulo lonke izwe lakubo, 12 nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.