UJobe Chapter 23
1
Wayesephendula uJobe, wathi:
2
Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu; isandla sami siyasinda ngokububula kwami.
3
Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi, ngize ngifike endlini yakhe,
4
ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.
5
Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo , ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.
6
Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na ? Cha, ubeyakubhekisa kimi.
7
Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye , mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.
8
Kodwa bheka, ngiya empumalanga, kepha akakho, nasentshonalanga, kepha angimboni,
9
nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe , kepha akabonwa ; ujikela ngaseningizimu, kepha akabonakali.
10
Ngokuba uyayazi indlela yami ; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.
11
Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
12
Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe ; ngizibekele amaz wi akhe kunezimiso zami.
13
Kodwa uyinto inye , ngubani ongambuyisa na ? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.
14
Uyakufeza engikumiselweyo; izinto eziningi ezinjalo zikuye.
15
Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe ; lapho ngikuqaphela , ngiyamesaba.
16
NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile,
17
ngokuba anginqunywanga, bungakafiki ubumnyama; wangifihlela ukuhlwa.