UHezekeli Chapter 41
1
Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika , ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha , ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha , ububanzi betabernakele.
2
Ububanzi bomnyango babuyizingalo eziyishumi ; amacele omnyango ayeyizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha ; walinganisa ubude balo : yizingalo ezingamashumi amane ; nobubanzi balo : yizingalo ezingamashumi amabili.
3
Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha ; nobubanzi bomnyango : yizingalo eziyisikhombisa.
4
Walinganisa ubude bokuphakathi : yizingalo ezingamashumi amabili ; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli ; wathi kimi: Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.
5
Wayeselinganisa udonga lwendlu : yizingalo eziyisithupha ; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.
6
Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye , engamashumi amathathu ngomumo . Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.
7
Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke , ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka nja lo nxazonke zendlu ; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.
8
Ngabona ukuthi indlu yayinendunduma nxazonke ; izisekelo zamakamelo ezinhlangothi zaziluhlanga olupheleleyo lwezing alo eziyisithupha kuze kube sekuhlanganisweni phezulu.
9
Uhlonze lodonga olwalungolwamakamelo ezinhlangothi ngaphandle lwaluyizingalo eziyisihlanu ; indawo eseleyo yayingeyamakamelo ezinhlangothi endlu.
10
Phakathi kwamakamelo kwakukhona ububanzi obuyizingalo ezingamashumi amabili nxazonke zendlu emaceleni onke.
11
Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ngasenyakatho nomunye umnyango ngaseningizimu ; ububanzi bendawo eseleyo babuyizingalo eziyisihlanu nxazonke.
12
Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga , ububanzi baso babuyizingalo ezingamashumi ayisikhombisa; uhlonze lodonga lwendlu lwaluyizingalo eziyisihlanu nxazonke , nobude balo buyizingalo ezingamashumi ayisishiyagalolunye.
13
Wayeselinganisa ind lu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu ; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso , ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu,
14
nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu.
15
Wayeselinganisa ubude be sakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha : yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,
16
imibundu, namafasitele avaliweyo , nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombund u, kwembeswe umuthi nxazonke , kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe;
17
kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi , nangaphandle, nakulo lonke udonga nxazonke ngaphakathi nangaphandle kwakulinganisiwe,
18
kwenziwe ngamakheru bi nangamasundu ; isundu laliphakathi kwekherubi nekherubi, ikherubi lilinye linobuso obubili;
19
kwakungubuso bomuntu bubheke isundu ngalapha , nobuso bebhongo lengonyama bubheke isundu ngalapha ; kwakwenziwe kanjalo kuyo yonke indlu nxazonke.
20
Kusukela phan si kuze kube phezu komnyango kwakwenziwe amakherubi namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.
21
Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine , nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.
22
I-altare lalingumuthi , ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu , nobude balo buyizingalo ezimbili ; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi : Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.
23
Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.
24
Izivalo zazinezicabha ezimbili , izicabha ezimbili eziphendukayo , ezimbili ngezesinye isivalo, nezicabha ezimbili ngezesinye.
25
Kwakwenziwe kuzo , ezivalweni zethempeli , amakherubi namasundu njengokwenziwe ezindongeni ; kwakukhona isivikelo somuthi phezu kompheme ngaphandle.
26
Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme , nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu , nasesivikelweni.