KwabaseRoma Chapter 5
1
Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa , sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,
2
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo , siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.
3
Kepha akusikho lokho kuphela , kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela,
4
ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba;
5
ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
6
Ngokuba sisebuthakathaka , uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo;
7
ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle;
8
kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi , siseyizoni, uKristu wasifela.
9
Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe , siyakusindiswa ngaye olakeni.
10
Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha , ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana;
11
kepha akusikho lokho kuphela , kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana. Isono nokufa kwafika ngo-Adamu
12
Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye , nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;
13
ngokuba isono sasikhona ezweni kungakabikho umthe tho, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho;
14
nokho ukufa kwabusa kusukela ku -Adamu kwaze kwaba kuMose , naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika -Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza. Ukulunga nokuphila kwafika ngoJesu
15
Kepha isipho somusa asinjengesi phambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa , ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
16
Isipho asinjengokona kwalowo emunye , ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa , isipho somusa sona -ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa.
17
Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu.
18
Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke , kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke;
19
ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.
20
Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande ; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi,
21
ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa , nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.