Skip to Content

KwabaseRoma Chapter 4

1 Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u -Abrahama, ukhokho wethu , ngokwenyama na? 2 Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha. 3 Ngokuba umbhalo uthini na ? Uthi: Kepha u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga. 4 Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo; 5 kepha kongasebe nziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga, 6 njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi: 7 Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo, nabazono zabo zisitshekelwe; 8 ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono. U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa. 9 Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na ? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga. 10 Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki. 11 Wasamukela isibonakaliso sokusoka , sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki , ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona, 12 futhi abe nguyise wabasokileyo , kungabi ngowabasokileyo kuphela, kepha nowabo abahamba emkhondweni wokukholwa ubaba u -Abrahama ayenakho engakasoki. 13 Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinik wanga u - Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa. 14 Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho; 15 ngokuba umthetho ubanga intukuthelo , kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa. 16 Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa , ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke , kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke, 17 njengokulotshiweyo ukuthi : Ngikumisile ube nguyise wez izwe eziningi phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona, 18 owathi kungekho themba wakholwa ngethemba , ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: Yoba njalo inzalo yakho; 19 engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile; 20 akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa , kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, 21 eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. 22 Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga. 23 Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena, 24 kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona , thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, 25 owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.