AmaHubo Chapter 145
1
Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.
2
Imihla yonke ngiyakukubonga , ngilidumise igama lakho phakade naphakade.
3
Mkhulu uJehova , umelwe ukudunyiswa kakhulu ; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.
4
Isizukulwane siyakubabaza kwesinye i misebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.
5
Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakh o nangezimangaliso zakho.
6
Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo ; ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.
7
Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhl e bakho obukhulu , bahube ngokulunga kwakho.
8
UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.
9
UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
10
Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge.
11
Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma , bashumayele ngamandla akho
12
ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandl a nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
13
Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade ; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
14
UJehova uyaphasa bonke abawayo, abavuse bonke abathotshisiweyo.
15
Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.
16
Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
17
UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke , unomusa emiseb enzini yakhe yonke.
18
UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso.
19
Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.
20
UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo , kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.
21
Umlomo wami uy akukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.