Skip to Content

AmaHubo Chapter 144

1 Makabongwe uJehova , idwala lami , ofundisa izandla zami ukuhlasel a neminwe yami ukulwa, 2 umusa wami nenqaba yami , umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami , nengiphephela kuye , nothobisa abantu bami phansi kwami. 3 Jehova, uyini umuntu ukuba umazi , nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na? 4 Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo. 5 Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe. 6 Imibani mayinyazime , ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho , ubaphithizise. 7 Yelula isandla sakho phezulu , ungikhulule, ungophule emanzini amakhul u nasesandleni sabafokazi 8 abamlomo wabo ukhuluma inkohliso , nesandla sabo sokunene singesokunene samanga. 9 Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha ; ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela. 10 Nguye onika amakhosi insindiso , okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo. 11 Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokaz i abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga. 12 Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo , namadodakazi ethu enj engamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi; 13 lapho izingobo zethu zigcwele , ziveza izinhlobo ngezinhlobo , nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane, yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu; 14 lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu, 15 babusisiwe abantu abanjalo ; babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.