AmaHubo Chapter 138
1
Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke ; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.
2
Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele , ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho , ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.
3
Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula ; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.
4
Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga , Jehova, lapho ezwile amazwi omlomo wakho.
5
Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova , ngokuba in kulu inkazimulo kaJehova.
6
Ngokuba noma uJehova ephakeme , uyanakekela nokho ophansi ; uyamazi ozidlayo ekude.
7
Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko , uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
8
UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.