Skip to Content

AmaHubo Chapter 137

1 Ngasemifuleni yaseBabele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni. 2 Amahabhu ethu sawaphanyeka eminyezaneni ephakathi kwalo. 3 Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama, nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi: Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni. 4 Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehova kwelinye izwe na? 5 Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, masizikhohlwe isandla sami sokunene. 6 Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu. 7 Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema , ngenxa yabantwana bakwa - Edomi abathi: Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo. 8 Ndodakazi yaseBabele , wena oyakubhujiswa , ubusisiwe oyakuphindisela kuwe izenzo zakho owazenza kithina. 9 Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho, abaphahlaze edwaleni.