Skip to Content

AmaHubo Chapter 11

1 Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi : Balekela entabeni yenu njengenyoni, na? 2 Ngokuba bhekani , ababi bawunsala umnsalo wabo , babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo. 3 Nxa izisekelo zidilizwa, olungileyo angenzani na? 4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka , izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu. 5 UJehova uyamhlola olungileyo ; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda. 6 Unisa izihibe phezu kwababi ; umlilo nesibabule nomoya oshisay o kuyisabelo sendebe yabo. 7 Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.