AmaHubo Chapter 10
1
Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?
2
Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka ; mababanjwe ngamacebo abawacebileyo.
3
Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe , nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.
4
Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi : Akanaki lutho ; akakho uNkulunkulu, injalo imicabango yakhe yonke.
5
Izindlela zakhe zithembekile iz ikhathi zonke ; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.
6
Uthi enhliziyweni yakhe : Angiyikuzanyazanyiswa; izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.
7
Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlo va; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.
8
Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi ; ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala; amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.
9
Endaweni esithekileyo uqamekela njengengonyama emphandwini wayo ; uhlomele ukumbamba ohluphekileyo ; uyambamba ohluphekileyo ngokumngenisa esihibeni sakhe.
10
Uyanyonyoba, uyakhothama, abathithibeleyo bawe ngamazipho akhe.
11
Uthi enhliziyweni yakhe : UNkulunkulu ukhohliwe , ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.
12
Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho , ungakhohlwa abahluphekileyo.
13
Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu , athi enhliziyweni yakhe : Awuyikukunaka, na?
14
Ubonile wena ; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wen a ukuze ukubeke esandle ni sakho ; othithibeleyo uyazinikela kuwe ; wena ungumsizi wentandane.
15
Yaphula ingalo yomubi ; buphenyisise ububi besoni , ukuze ungabe usabufumana.
16
UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade ; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.
17
Jehova, uyakuzwa uk ulangazela kwabamnene ; uyaqinisa inhliziyo yabo , indlebe yakho uyibeka kubo
18
ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo , ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.