Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali , noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye;
Ungasheshi ubeke izandla noma kubani , futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.
Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela.