Bakhubeka ngaye . Kepha uJesu wathi kubo : Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.
Wayesethi kubo uJesu : Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.
Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane , labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo , babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.