Ngayibona isondela kakhulu enqameni , yababa ngayo , yayishaya inqama , yazaphula izimpondo zayo ezimbili ; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo , kepha yayiphonsa phansi , yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.
Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi , ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.