IsAmbulo Chapter 10
1
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu , nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo , nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
2
iphethe esandleni sayo incwadi encane evulekileyo . Yayisimisa unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolokhohlo phezu komhlabathi,
3
yamemeza ngezwi elikhulu njengokubhonga kwengonyama , nalapho isimemezile, imidumo eyisikhombisa yezwakalisa amazwi ayo.
4
Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile , ngase ngizakuloba ; kepha ngezwa izwi livela ezulwini , lithi: Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.
5
Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene,
6
yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade , owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: Akusayikubakho isikhathi,
7
kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa , lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe , njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.
8
Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami , lithi: Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.
9
Ngaya kuyo ingelosi ; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane . Yayisithi kimi: Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho , kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.
10
Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi , ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.
11
Zase zithi kimi : Kumelwe ukuba uphinde uprofe the ngabantu abaningi , nezizwe, nezilimi, namakhosi.