yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;
Nasiliva labo nago lide labo akuyikuba namandla okubophul a ngosuku lwentukuthelo lukaJehova , kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakh e, ngokuba uyakuqeda , yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.
Ngalokho, ngilindeleni, usho uJehova , kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange , ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso , ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami , lonke ulaka lwami oluvuthayo , ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.