Bangena eKapernawume . Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.
Wafundisa, wathi kubo: Akulotshiwe yini ukuthi , indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke na? Kepha nina niyenze Umhume wabaphangi.
Wafundisa emasinagogeni abo edunyiswa yibo bonke.
Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni , wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene.
Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.
Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi ; evutha emoyeni wakhuluma , wafundisa ngesineke izindaba eziqo ndene noJesu , azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela;
washumayela umbuso kaNkulunkulu , wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.