umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala , wafinyelela naseDabesheti , wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,
umkhawulo wafinyelela eThabori , naseShahasuma, naseBeti Shemeshi ; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani , imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
ne-Alameleki, ne-Amadi, neMishali; wafinyelela eKarmeli ngasentshonalanga, naseShihori Libinati;
wajika ngasempumalanga , waya eBeti Dagoni , wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti Emeki naseNeyiyeli , waphumela eKabuli ngakwesokhohlo;
umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga , waya e -Azinoti Thabori ; waphuma lapho , waya eHukoki ; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu , wafinyelela kwa -Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.