Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.
UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kon ke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe : Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda , awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.