Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.
Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini , ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.
Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi , uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi ; noMoya ungofakazayo , ngokuba uMoya uyiqiniso.