Sukani nihambe , niwele umfula i -Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori , inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.
UJehova wayesethi kimi : Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.
Wayesethi u -Eliya kuye : Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho , kepha ngenzele mina ku qala iqebelengwane elincane ngakho , ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.