Skip to Content

"ongiphe"

10 occurrences in ZUL

Ngikukhazimulisile emhlabeni , ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.

Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni ; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.

Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.

Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona , bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.

Ngiyabakhulekela bona ; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona , ngokuba bengabakho.

Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.

Lapho ngise nabo ezweni , ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona , ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.

Nenkazimulo ongiphe yona ngiyip hile bona , ukuze babe munye , njengalokhu thina simunye,

Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona ; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.

ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi : Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.