Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova ; bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,
Wathi: Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na? Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli kuze kube namuhla.
Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami , kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni.