Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe . Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.