Skip to Content

"ongakholwa"

4 occurrences in ZUL

Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade ; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila , kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.

Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu , ukuze kuthi , uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo,

Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe . Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga , ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.