Skip to Content

"omdala"

13 occurrences in ZUL

Wosukuma phambi kwempunga , uhloniphe ubuso bomun tu omdala , umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.

Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha.

ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,

Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu , wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango , kwaphuka intamo yakhe , wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu , eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi , ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.

Kwakuhlala eBethele umprofethi omdala. Amadodana akhe afika amtshela yonke imisebenzi lowo muntu kaNkulunkulu abeyenzile ngalolo suku eBethele, namazwi abewakhulumile enkosini. Uyise esetsheliwe,

Bheka, abantu badlula , babona isidumbu sintshingwe endleleni nengonyama imi eceleni kwesidumbu , bafika bakhuluma ngakho emzini ayehlala kuwo lowo mprofethi omdala.

Umprofethi wasiphakamisa isidumbu salowo muntu kaNkulunkulu , wasibeka embongolweni, wasibuyisa; wafika emzini womprofethi omdala ukuba alile, ammbele.

Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi , kwahlala omdala wezinsuku ; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa , izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo ; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.

waze wafika omdala wezinsuku , abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.

kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.

sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziw e ize , singabe sisakhonza isono,

Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha , kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.