AmaLevi ayethulile umphongolo kaJehova nebhokisi elalinawo , okwakukulo impahla yegolide , akubeka etsheni elikhulu ; abantu baseBeti Shemeshi banikela ngeminikelo yokushiswa , bahlabela uJehova imihlatshelo ngalolo suku.
Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa , nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo , kusukela eTirisa ; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.