Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kulu thando noma kuyinzondo , akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo.
Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi , nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi