Futhi ngithi kini : Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;
kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.
Ngithi kini : Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga. Ukufa kukaStefanu
Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe , negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe , lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.