Iso lami liyamululeka imifula yamanz i ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
Ukona kwendodakazi yabantu bam i kukhulu kunesono saseSodom a elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.
Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
Ngalokho ngathi : Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu ; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami , bathi: Ngukuthula, ngukuthula; Kepha akukho ukuthula.
Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bam i livela ezweni elikude , lithi: Akakho uJehova eSiyoni na ? Ayikho inkosi yalo kulo na ? Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?
Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele ; ngidabukile, ukumangala kungibambile.
Amehlo ami ayaphela izinyembezi , izibilini zami ziyaxhaphazela ; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.