UShalumi, indodana kaJabeshi , wamenzela ugobe , wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka -Uziya inkosi yakwaJuda , wabusa inyanga eSamariya.
UMenahemu, indodana kaGadi , wenyuka eTirisa , wafika eSamariya , wagenca uShalumi , indodana kaJabeshi , eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.