Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova , yalala phansi kukaBileyamu ; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe.
UJehova wayesevula -ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.
UJehova wafaka izwi emlonyeni kaBileyamu , wathi: Buyela kuBalaki , ukhulume kanje.