Intombazana yayibukeka kahle , iyintombi, engaziwa yindoda ; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.
Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe , engacindezelwa lutho , angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle.