Wathi kuwo : Hambani. Ayesephuma, angena ezingulubeni ; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni , waphonseka elwandle , wafela emanzini.
Bamncenga bathi: Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.
Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma , bangena ezingulubeni ; umhlambi wagulukudela eweni , waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.