naphezu kwazo zonke izintaba ezinde , naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,
Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
Ekufundiseni kwakhe wathi : Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,
Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni nasezindaweni ezingenhla ekudleni,
Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo,
nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde , kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe yisimbozo.
Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe , nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu , sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,