no-Atheri, noHezekiya, no-Azuri,
Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine , ngenyanga yesihlanu , uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni , wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi:
UMoya wangiphakamisa , wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabi li nanhlanu ; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka -Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya , izikhulu zabantu.