Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha ; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.
Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe , uyakufa. Uma ungamxwayisanga , uyakufela ezonweni zakhe , nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa , kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.