Skip to Content

UHezekeli Chapter 3

1 Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, yidla okufumanayo, udle lo mqulu, uye ukhulume kuyo indlu yakwa-Israyeli. 2 Ngavula umlomo wami, wangidlisa umqulu. 3 Wathi kimi: Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona . Ngase ngiwudla , wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi. 4 Wayesethi kimi : Ndodana yomuntu , hamba uye endlini yakwa -Israyeli, ukhulume kuyo ngamazwi ami. 5 Ngokuba awuthunywa kubantu abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, kepha endlini yakwa-Israyeli, 6 kungekubantu abaningi abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, ongawezwa amazwi abo . Impela uma bengikuthume kubo , bona babeyakukuzwa. 7 Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala. 8 Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo , nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo. 9 Ngenze ibunzi lakho njengedayimani , elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo. 10 Futhi wathi kimi : Ndodana yomuntu , onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho , uzwe ngezindlebe zakho. 11 Hamba uye kubathunjwa , kubantwana babantu bakho , ukhulume kubo , uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova, noma bezwa noma benganaki. 12 Wayesengiphakamisa uMoya , ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe; 13 nomsindo wamaphiko ezidalwa athintanayo, nomsindo wamasondo eceleni kwazo, umsindo wokukhulu ukuduma. 14 UMoya wayesengiphakamisa , wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami ; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami. Umprofethi ungumlindi 15 Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari , lapho babehlala khona ; ngahlala kho na phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele. 16 Kwathi ekugcineni kwezinsuku eziyisikhombisa izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 17 Ndodana yomuntu , ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa -Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona. 18 Lapho ngithi komubi: Uyakufa nokufa, bese wungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise , yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho. 19 Kepha wena , uma umxwayisa omubi , angaze abuya ebubini bakhe nasendleleni yakhe embi, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwophulile umphefumulo wakho. 20 Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe , uyakufa. Uma ungamxwayisanga , uyakufela ezonweni zakhe , nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa , kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho. 21 Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuba olungileyo angoni , abese engoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile; wena-ke uwophulile umphefumulo wakho. 22 Isandla sikaJehova saba phezu kwami lapho, wathi kimi: Suka, uphume uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe khona. 23 Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni ; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari , ngawa ngobuso bami. 24 UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: Hamba uzivalele endlini yakho. 25 Kepha wena ndodana yomuntu , bheka, bayakufaka amagoda kuwe , bakubophe ngawo; awuyikuphumela phakathi kwabo. 26 Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo. 27 Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova . Ozwayo makezwe , onganakiyo kayeke , ngokuba bayindlu ehlubukayo.