Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa -Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo , ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo,